"Ngicabanga nokukhipha iSingle track eyodwa nje, ngizibize ngeKopist Elisha. Plus bekumnandi cabanga, angazi sengiziphinde kangaki after leya video." Kusho uNdlunkulu SA ephela insini ebuzwa intatheli yethu ukuthi kuthini ukuphawula kwakhe ngokusabalala kwaleya video yodumo.
"Kukhona abacabanga ukuthi ngizozibulala noma ngizoshaywa amahloni nginyamalale ezinkundleni zokuxhumana, bashaye phansi kwashunqa. Okungenza ngingabi nandaba kakhulu ukuthi angibanjwanga ngidla indoda yomuntu kepha kuputshuke iVideo yami ngingedwa endlini." Kuqhuba yena.
"Ngiyathola ke amaMessage maningi ku inbox wami Amabhinca afuna ukuRecorda athi sibubeka sisihle futhi sihalisa iStudio sami. Cha angidayisi bafwethu kuputshuke iVideo ngephutha, awehle amaphaphu ngiyonazisa uma kwenzeka kuputshuke enye futhi." Esho ezihlekela
